Lesi esinye sezimfundiso zo-Mprofethi, ukuthula kube kuye, lapho ethi; ngesikhathi kulethwa isithebe noma ipuleti elinamadate, udla nabanye abantu, ungathathi amadate ngamabili ngesikhathi esisodwa. Ngoba ukwenza njalo kuthathwa ngokuthi ungumuntu ongabacabangeli abanye abantu, futhi lokhu kuthathwa ngokuthi kungolunye uphawu lokuba nomona. Umuntu angathatha noma isiphi isibalo samadate, kodwa akube ngalinye ngalinye. Akuvumelekile futhi ukuthatha amadate abe inqwaba bese uwasondeza ngakuwena. Loku kuyindlela elungile yokudla uma udla nabanye abantu kwisitsha esisodwa.
Ingqikithi yesifundo kulokhu ukuthi CABANGELA abanye abantu. Ukucabangela abanye abantu kuyingxenye yohlelo lokuphila lwe-Islam, ngakhoke i-Muslim ne-Muslim kufanele lingene kwinjwayelo yokucabangela amanye ama-Muslim nabanye abantu noma bengewona ama-Muslim. Lokhu kungezinye zezenzo ezibukeka zincane kodwa ukugcinwa kwazo kwenza i-Muslim lizuze izibusiso ezininingi ezivela ku-Allah Subhana wa’Ta’ala.
u-Mphrofethi, ukuthula kube kuye, wayekuqikelela kakhulu ukuthi omunye umuntu uyabhekelelwa futhi uyacatshangelwa. Umhlonishwa u-Ayisha, u-Allah ambusise, uthi kwakuthi uma u-Mphrofethi, ukuthula kube kuye, engena ekhaya ngezikhathi zasebusuku wayebingelela nge-salaam ngendlela yokuthi umuntu osebuthongweni angaphazamiseki. Kwakuthi uma kukhona izipho afika nazo wayeqiniseka ukuthi uqala ngokuzidlulisela kubo bonke abantu abasendlini yena abe ngowokugcina ukuzibekela esakhe isipho. Umlando wempilo ka-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, igcwele izindaba ezinjengalezi.
Nazi ezinye izibonelo esingafunda kuzona ukuze nathi sibe ngabantu abacabangela abanye abantu:
ISIKHATHI SOKUDLA [at meal times]
Ngesikhathi kudliwa, cabangela abanye abantu. Akenze isibonelo, kunabantu abahlanu okufanele badle, futhi kunamaqatha amahlanu asebhodweni kodwa wena uphake amaqatha amathathu esithebeni. Ngokucacile kusho ukuthi kukhona abantu ababili abangezukuwathola amaqatha. Uma wenza lokhu kusho ukuthi awubacabangeli abanye abantu. Uma abantu beyisihlanu kodwa amaqatha mathathu ebhodweni, kungcono uwahlukanise ngokuthi uwanciphise aze abe mahlanu.
BUYISELA IZINTO LAPHO UZITHATHE KHONA [put things back where you took them]
Uma kunento esetshenziswa iwo wonke umuntu endlini noma e-office, zijwayeze ukuthi uma okuthile ukusebenzisa kufanele uphinde ukubuyisele lapho kuhlala khona uma usuqedile ukusebenzisa. Lapha sikhuluma njengalokhu okulandelayo: umshini wokunquma izinzipho, imithi yokukhwehlela nemikhuhlane, uvaselina, usawoti, izinongo [spices], ushukela, amathuluzi alo lonke uhlobo, izitsha, njalo njalo.
GCINA AMAPASIJI EHLANZEKILE FUTHI KUNGENAZITHIYO EZIVIMBILE [keep passages clean and cluster free]
Akufanele ukuthi kubekwe noma yini emapasiji nasezindleleni ezihamba abantu, kungaba isendlini, egcekeni noma ngaphandle komuzi. Uma ikhona indlela kungcono ukuthi kwakhiwe amakhabethe anamathiselwa ezindongeni ngaphakathi kwendlu noma ngaphandle kwendlu, ukuze izinto ezinjengamathuluzi, amathoyizi ezingane nezitsha ezingasebenzi njalo kugcinwe khona. Wonke udoti nemfucuza akuqoqwe kahle kufakwe kwimigqomo emincane esendlini ithi uma igcwala bese ithathwa iyofakwa kwimigqomo emikhulu engaphandle kwendlu nayo ezothi uma isigcwele ikhishelwe ngaphandle komuzi ilinde izimoto zika Masipala eziqoqa udoti nemfucuza. Udoti awungayekwa ulokhu ugingqika futhi usakazeke yonke indlu. Izingane azitshelwe ukuthi uma ziqeda ukudla ngamathoyizi azo aziwaqoqe ziwabeke endaweni efanele. Izingane ezifundayo uma ziqeda ukwenza umsebenzi wesikole aziqoqe izincwadi, amapeni, nokunye kubekwe ngendlela.
UKUBUYISELA INTO OBUYIBOLEKILE KUMNIKAZI WAYO [return what you borrowed]
Uma uboleka okuthile komunye umuntu qiniseka ukuthi uyakubuyisela kulowo muntu obukuboleke kuyena. Lapha sikhula ngezinto ezinjenalokhu: imali, amathuluzi, izincwadi, nokunye. Buyisela into isekwisimo ebikuso ngesikhathi unikezwa yona, uma ekhona amandla buyisela ithuluzi lihamisana nesipho esingaba isithelo noma okunye okudliwayo. Lokhu kwenza ukuthi kuhlale kunokuzwana phakathi kwakho nomakhelwane wakho noma nomgani wakho noma i-Muslim elinye.
IZITSHA NEZINGUBO EZINGCOLILE [utensils and dirty clothing]
Ikhaya le-Muslim kufanele lihlale lihlanzekile ngayo yonke indlela. Zonke izitsha, izingubo zokugqoka, izingubo zokulala kufanele kubekwe endaweni efanele. Uma sezingcolile kufanele zihlanzwe ngendlela. Akungapheli isikhathi eside izitsha zimbondelene ndawonye zingahlanziwe kanjalo futhi nezingubo zokulala nezokugqoka. U-mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, wathi izitsha ziba nokwenama nokujabula ngesikhathi zihlanzwa, zisulwa, zibekwa endaweni efanele, futhi lowo owenza lokho kuzona uthola izibusiso.
BIKA UMA UMSEBENZI USUWUQEDILE [report as soon as the task is finished]
Uma omunye umuntu ekucela ukuthi umenzele okuthile, kuhle ukumbikela ukuthi umsebenzi usuwuqedile.
GQIBA IZINWELE NEZINZIPHO ZAKHO [bury the nails and hairs]
Ngesikhathi unquma izinwele noma izinzipho zakho akuthi uma uqeda uqiniseke ukuthi konke lokhu uyakumbela kugqitshwe, ngoba uma lokhu kusakazeka yo nke indawo kungase kube nokuphazamisa abanye abantu.
ISIVANDE [the garden]
Uma unesivande, qiniseka ukuthi sihlale sihlanzekile, kutshaliwe noma kungatshalwe lutho kusona. Ungavumeli amagatsha esihlahla somuzi wakho noma kini ukuthi alengele kwamakhelwane wakho. Ngoba lokhu kudala ukuthi uma kunomoya amaqabunga esihlahla sakho aqathakele kwamakhelwane, lokhu kudala inkinga kumakhelwane wakho ngoba kusho ukuthi kufanele ashanele lamaqabunga aphuma kwisihlahla sakho, akuvumelekile ukuthi i-Muslim lenze into enokungamcabangeli umakhelwane walo. Uma ufuye izilwane okungaba izinja, amakathi, izimbuzi qiniseka ukuthi azihambi zize zifike kwamakhelwane wakho, zishiye indle yazo lapho nokunye ukungcola. Lokhu ukungamcabangeli umakhelwane wakho, futhi lokhu akufanele kwenziwe i-Muslim.
INDLU ENCANE [The toilet]
Uma usebnzisa indlu encane musa ukuthatha isikhathi eside ngoba kungakhona nabanye abalindele ukuyisebenzisa leyondlu. Qinisekisa ukuthi indlu encane uma usuqedile uyishiya ikwisimo oyifice ikuso. I-Muslim alibhemeli endlini encane, alifundwa iphephandaba noma incwadi ngesikhathi usendlini encane. Uma uhamba ngebhanoyini ngesikhathi kuphoqeka ukuthi wenze i-wudhu endlini encane, qiniseka ukuthi lokhu ukwenza ngokushesha, usule amanzi okungenzeka ukuthi acaphazekile emaceleni, ukuze nabanye bafike ikwisimo abangayisebenzisa nabo.
UKUPAKA IMOTO NGENDLELA EFANELE [proper way of parking a car]
Uma ufika e-masjid noma uze kwi-janaazah noma komunye umcimbi, paka imoto yakho kwindawo ebekelwe ukuthi kupakwe izimoto, uma kungekho maka obekiwe qinisekisa ukuthi akunamuntu ozophazamiseka noma enye imoto ezophazamiseka. Musa ukupaka imoto yakho endaweni yokupaka kodwa upake ngendlela yokuthi igamanxe ize ifike kwigumbi lokupaka lenye imoto. Ungapaki imoto ivimbe indlela yokuphuma enye imoto [obstructing the driveway], ngoba kungakhona izimo eziphuthumayo ezingenza ukuthi omunye umshayeli afune ukuhamba ngokushesha. Akulungile ukushaya i-hooter ezindaweni ezihlala abantu kungenasidingo ngoba kungenzeke kuphazamiseke umuntu osebuthongweni, umuntu owenza i-salaah, njalo njalo.
E-MASJID
I-masjid indawo esetshenziswa iwo wonke ama-Muslim. Kuhle ukuthi uma i-Muslim liya e-masjid liyokwenza i-salaah, i-wudhu liyenze ekhaya. Lokhu kunciphisa isamba sabantu abamile belinde ukwenza i-wudhu, ngaleyo ndlela kwenza babe bancane abantu abazombondelana endaweni yokwenza i-wudhu. Uma ikhaya lakho lingaqhelile kakhulu ne-masjid, kuhle ukuthi uhambe ngezinyawo kunohamba ngemoto, lokhu kwandisa indawo yokupaka kuma Muslim asuka kude. I-Muslim lithola izibusiso ngokwenza lokhu. Uma ufika e-masjid beka izicathulo zakho endaweni efanele, ungavele ushiye izicathulo zakho noma kuphi. Qiniseka ukuthi akukho phunga elikuwena emzimbeni, ezimpahleni ozigqokile, nasemlonyeni wakho ngesikhathi uza e-masjid. Zama ukuthi ufike e-masjid kusenesikhathi ukuze ube kumugqa [saff] wokuqala ngesikhathi sekuqala umthandazo [salaah]. Musa ukufika kamumva kepha ujahe ukuthi uyoba kumugqa wokuqala, lokhu kuphazamisa amanye ama-Muslim.
UKUCINDEZELA INSIMBI ESESICABHENI YOKUCELA UKUNGENA ENDLINI [press the doorbell before you enter somebody’s home]
Uma ufika emzini womunye umuntu kukhona lensimbi, cindezela kahle, ungayigankazi. Linda imizuzwana ubone ukuthi uyavulelwa yini. Iba nokubekezela, kungenzeka ukuthi kukhona umuntu osemdala kuphela endlini, okuthatha isikhathi ukuthi asuke lapho ekhona eze emnyango, kungenzeka ukuthi ikhaya le-Muslim lisenza umkhuleko [salaah], noma mhlawumbe umuntu osese ndlini encane, noma uyahlambe kwi-shower. U-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, wathi uma ufika emzini womuntu ngqongqoza kube kathathu uma ungavulelwa phenduka uhambe.
UKUZIPHATHA NGENDLELA UMA UPHAMBI KWABANTU [proper behaviour in the presence of others]
Musa ukusuza noma ukushipha uma uphakathi kwabantu. Musa ukuzamula kuze kuzwakale kwabanye abantu. Ungakhulumi ngezinto ezingenza ukuthi abanye abantu bafikelwe ukuhlanza noma ukubuyisa. Uma uphoqeka ukuthi ukhulume ngokuthile zama ukusebenzisa amagama ahloniphekile. Isibonelo:
• Ukungcola okuphuma kumuntu kwisitho esingemumva sangasese kuthiwa; indle.
• Ukungcola okuphuma kwisitho sokuzikhulula esingaphambili kumuntu kuthiwa; umshobingo.
• Isitho sokuzikhulula esingaphambili somuntu wesimame kuthiwa; isitho esingaphambili sangasese, njalo njalo.
Uma ufika abantu bekhuluma bebabili, cela uxolo uma ufuna ukukhuluma noyedwa wabo, uma kungaphuthumi kangako linda baze baqede. Uma uphambana nabantu ababili musa ukubadabula phakathi. Uma abantu behleli bebathathu akufanele ababili bakhulume ngolimi lona oyedwa angaluzwa.
CABANGA ISIKHATHI SABANYE ABANTU [be considerate of other people’s time]
Bacabangele abanye abantu ngesikhathi sabo. Ugabambezeli umuntu ngenkulumo kuze kweqe kulokho okubalulekile ofuna ukukusho. Kungaba ukukhuluma nomuntu umlomo nomlomo noma ukhuluma naye ocingweni. Futhi zama ukugcina isikhathi uma uya kumuntu ovumile ukuthi uzoba nesikhathi nawe. Musa ukwenza omunye umuntu alinde wena. Zama ukufika emzuzwini eyishumi ngaphambi kwesikhathi esinqunyiwe. Uma usuya ekhaya, ubona ukuthi uzobambezeleka ngandlela thile bafonele ekhaya usho ukuthi uzofika ngesikhathi esithile noma uzobambezeleka kancane. Ukungafiki komuntu ekhaya ngesikhathi ajwayele ukufika ngaso kwenza abantu endlini babenexhala nokukhathazeka ukuthi “kungabe sekukhona okumvelele yini?”
UKUPHAZAMISA UKWENZIWA KWEZINTO EKHAYA LABANYE ABANTU NOMA E-MASJID [don’t be a disturbance in other people’s home or in the Musjid]
Musa ukuphazamisa ukusebenza kwezinto endaweni okunge yona eyakho, kungaba umuzi womunye umuntu, ise-masjid, ise-madresah, isebhizinisini lomunye umuntu. Ungatholakali usubiza i-adhaan unganikezwanga lelo lungelo, ungatholakali usukhanyisa izibani zikagesi unganikezwanga lelo lungelo, ungatholakali usucisha izikhiphamoya [fans] unganikezwanga lelo lungelo. Uma use-masjid, ungafundi i-Kurán ngendlela yokuthi kuphazamiseke abanye abantu. Funda i-dhikr yakho ngezwi eliphansi. Buyisela i-Kurán noma olunye uhlobo lwencwadi obuyifunda endaweni yayo, noma lapho obuyithathe khona.
OKUHLE NOKUNCOMEKAYO OKUFANELE SIKWENZE EMAKHAYA ETHU [things that are recommended and appreciable in our homes]
Lokhu okulandelayo kwiyizincomo ezinhle ezingabanokusisiza nge zikhathi ezithile:
1. Njalo ekhaya akube nomgqomo ongagcina amanzi angaba kwinani lika-15-20 wamalitha ekhaya kuye ngokuthi inani labantu lingakanani kulelo khaya. Uma kunqanyulwa amanzi ngumasipala niba nesiqiniseko sokuthi amanzi okupheka nokuphuza, ukwenza i-wudhu, ukwenza i-istinjaa, nokunye akhona.
2. Njalo ekhaya akube khona amakhandlela, umentshisi, amathoshi nolunye uhlobo lwezikhanyisi ukuze kuthi uma ugesi uhamba nibe nakho ukuthi nikhanyise.
3. Izitofu ezisebenza nge-gas nazo zinhle kakhulu ngesikhathi kunqamuka ugesi.
4. Akube khona ama-umbrella, ama-rainsuits, ama-boots, ukuze kuthi ngesikhathi sezimvula ningabi nankinga.
5. Ikhaya le-Muslim kufanele lihlale linoju oluningi namantongomane amaningi, lokhu ukudla okuyimpilo. Futhi ikhaya le-Muslim kufanele libe nokudla okuyimvelo [organic] okunhlobonhlob. I-Muslim kufanele likugweme ukudla okunemifakela eminingi [preservatives] nokuphundlekile [refined]. Ukuze kube lula lokhu i-Muslim kufanele lidle ukudla okuqhamuka kwisivande noma kwinsimu yalo i-Muslim. U-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, wathi ukudla okungcono nokudlula konke ukudla, nokubusisekile ilokho okuqhamuka kwizithukuthuku zalo i-Muslim.
6. Kwizinto zobuchwepheshe ne-technology ezisekhaya akube khona ukuba sobala nokungafihlelani [transparency]. Ukugwema izinkinga nokuxabana njalo okungagcina ngokuhlukana kwemishado izinto ezinjengomakhala-ekhukhwini [cellphones] nama-computer, akube nokuvumelana ukuthi kusetshenziswa ama-password noma cha. Izingane uma zizosebenzisa lezizinto lokhu akwenziwe ngokuthi zibenokuqashelwa okukhulu [strict supervision]. Uma kunokwesaba ukuthi mhlawumbe izingane zingase zingakusebenzisi lokhu ngendlela kusho ukuthi akuqheliswe lokhu ezinganeni.
7. Imithi yonke ayibe sobala. Imithi yemikhuhlane, imithi yezilonda imithi yokukhwehlela, imithi yesisu esibuhlungu, neminye eminingi ayihlale isiduze ekhaya le-Muslim.
Sicela u-Allah Subhana wa Ta’ala asinikeze amandla okuthi sibeno kucabangela amanye ama-Muslim nesintu sonke jikelele kunoma yini esisuke siyenza ukuze bangabi nakuphazamiseka, futhi enze amakhaya ethu abe amakhaya okukholwa nagcwele izibusiso. Aameen.
ISIPHETHO [conclusion]
U-Allah Subhana wa Ta’ala Uyasiyala kwi-Qur’an, Uthi, “Bonisanani kwizindaba ezinithinta nonke. Uma senisithathile isinqumo, bekani ithemba lenu ku-Allah ngoba u-Allah uthanda labo ababeka ithemba labo ku-Ye.” Lelivesi lisibonisa ukuthi uma siqhuba izimpilo zethu ngokuzijwayeza umkhuba wokubonisana nabanye abantu lokhu kuyokwenza ukuthi kube lula ukuthi sisondelane no-Allah kanye no-Mphrofethi wakhe, U-Allah Ambusise nokuthula kube kuye. Lokhu kuyosihlenga kokuningi ukuxabana nokungaqondi, futhi lokhu kuyokwenza namakhaya ethu abe nokubusiseka nobuhle, futhi kwenze amakhaya ethu abe njengezivande ezincane zase-Jannah.
